inganekwane yesimanje explained
Inganekwane yesimanje ibonakala ngokuphatha izinto zesimanje,
siyazazi zonke izinto zesimanje ezazingekho emandulo,
lenganekwane iyaye ifake izimoto, izitimela, omakhalekhukwini, amabhanoyi,
imali kuningi okungangena okuchaza inganekwane ingeyesimanje,
kubalulekile ukubheka izinto ezisetshenziswayo kwinganekwane ukuze ubone inkathi yayo.
Izinganekwane ziyini? ziyini izimpawu ezigqamisa inganekwane?
Kungani izinganekwane zisemqoka kwisintu? izinganekwane ziwubuciko bomlomo, babuvame kakhulu kudala
ngoba babusetshenziswa ngenhloso yokuchitha isizungu Ngesikhathi sakusihlwa,
inganekwane iba yingxoxo yokuziqambela engaxoxwa kusetshenziswa abalingiswa okuyizilwane noma abantu ngenhloso
yokundlulisa ulwazi noma isifundo esithile esizukulwaneni.
Lolu hlobo lobuciko lunehaba ngoba izinto ezivame ukutholakala
kulo aziwona amaqiniso kodwa ziyahlobana nempilo yangempela.
Ukufunda ngezinganekwane
Izinhlobo zezinganekwane:
Izinganekwane ezimnandi ezimbili nazi lapha ngezansi.
Emva kokufunda lezinganekwane zibuze umbuzo othi ngabe wuhlobo luni lwezinganekwane lezi?
Ngabe isiphi isifundo esitholakala kwinganekwane nenganekwane?
Inganekwane yendoda
Kwasukasukela kwakukhona indoda igama layo ingu John, lendoda yayihamba ifuna umsebenzi kodwa yayingawutholi.
Kuthe ekugcineni ingasazelele yawuthola umsebenzi. Yasebenza ke lendoda engu John kwasho ukuthi iyazimisela impela emsebenzini wayo
eyayiwuthole epulazini lomlungu futhi yayifika nge sikhathi esfanele nantambama ihambe ngeskhathi
esifanele umlungu owayeyiqashile wakubona lokhu wayithanda NGENDLELA eyismanga kunalaba ayesebaqashile
phambilini wayethemba futhi
Langa limbe kwadingeka ukuba umlungu ahambe eye Ekapa eyovakashela izihlobo
zakhe wayibiza lendoda..wayitshela ukuthi uyahamba kusasa uya EKapa uzoshiya
yonke into elapha eplazini ezandleni zayo ucela ayinakekele kahle wayitshela nokuthi lokhu ukwenza
ngoba uyayethemba ..
Hhayi yavumela phezulu indoda, waphinda wayitshela nokuthi akazi ukuthi uZobuya nini
ayethembisa KHONA ukuthi lokhu ayobe ekuphethe esandleni sakhe kuyoba ngokwayo yagxumagxuma indoda
ngenxa yenjabulo ngakusasa ekuseni umlungu wanika indoda izikhiye zendlu kanye nesikhiye semoto
wasuka wahamba ..
Laphela iviki indoda isawugade kahle umuzi nakho konke okuphakathi laphela
nelesbili kwathi kwelesithathu yadinwa indoda ibona ukuthi umlungu akabuyi Ekapa yaqala yadayisa
izimvu zomlungu,nefenisha kwagula inja yomlungu bamtshela ayesebenza nabo eplazini wangabanaka
ekugcineni yafa inja wakhetha ukuyigqiba kunokuba umlungu efike kuvimbanise iphunga elibi lapha
epulazini, wagubha umgodi esathi useyoyigqiba wavele waqhamuka umlungu evela Ekapa esayibambile
inja LEYO uJohn wathi umlungu "John khumbula isethembiso engasenza nawe ..ngathi engiyokufica ukuphethe
kuyoba ngokwakho ngakho ke
lokho ngyakupha ngokwakho" Yavele yaquleka indoda uma icabanga usizi ebhekene nalo emzini wayo..
cosi cosi iyaphela
inganekwane yenkawu nengwenya
Kwasukasukela
Kwakukhona izinkawu ezazihlala ehlathini eliseceleni nomfula omkhulu.
Emfuleni kuhlala umndeni wezingwenya lapho ugogo omdala wezingwenya wayegulel'ukufa.
Kudingeka athole inhliziyo yenkawu ukuze asinde. Kodwa lalingekho iqhinga lokubamba inkawu ngoba zazigxumela phezulu ezihlahleni.
Langa limbe umntwana wengwenya wabhukudela ngasosebeni lomfula kanti uzobona umntwana wenkawu ezidlalela ezihlahleni.
Wathi "sawubona mntwana wenkawu" nebala wavuma umntwana wenkawu , wacela ukuba umngani wakhe.
Umntwana wenkawu wavumela phezulu wathi "ngiyavuma kwaphela nje uma uzongifundisa ukubhukuda"
nebala wathi umntwana wengwenya ubala lolo gxumela la emhlane wami ngikufundise. Babhukuda baya phakathi
nesiziba lapho umntwana wenkawu angeke esakhona khona ukugxumela esihlahleni. Wathi untwana wengwenya empeleni
ugogo wami ugulela ukufa so kudingeka inhliziyo yenkawu ukuze asinde.
Inkawu yahleka kakhulu yathi"
hhawu kodwa mngani wami awungitshelanga ngani ngikunike siseselengaphandle ngoba thina zinkawu
izinhliyo zethu azikho kithi sizibeka ezihlahleni ngoba ziyasinda asikhoni ukugxuma kahle mazikithi,
asibuyele emuva ngiyokunika ukuze ugogo wakho asinde" nempela yibo labaya bebuyela osebeni lomfula inkawu yagxuma
yathi ingabamba isihlahla yahleka kakhuuuulu yathi" silima sengwenya wake wambonaphi
umuntu ongaphila ngaphandle kwenhliziyo, angisoze ngiphinde ngithembe ingwenya" nanamhlanje
izinkawu aziphindanga zalubeka emfuleni
Cosi cosi yaphela
Funda uqhubeke
umuthi wokuphasa wama students
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Join Grade 12 students whatsapp group
Grade 12 Matric whatsapp groups
Ezinye izihloko zaka grade 12
Funda izingcezu zenkulumo
| Comments |
|
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? |
Kwasuke-sukela
Eminyakeni engamashumi amabili edlule,Kwakukhona umfana owayelwela inkululeko ezweni lakubo Ekulweleni inkululeko lokho kwamakhela amazinyo abushelelezi kubaphathi mubuso ababephethe ngaleyo minyaka Wabanjwa ngabaphathi mubuso bayomubopha ngoba bebona ukuthi lobuhlakani bakhe babuzowuketula umubuso owawubusa ngalezo zikhathi Wathathwa wayoboshelwa ejele elalikude nakubo, futhi kwakunzima ukuthi ungeqa uye kini kulelijele Phela angithi lelijele lalisesiqhingini kwakuqalwe kugitshelwe isikebhe ukuze uyofika kulo Ekufikeni kwakhe lomfana kulelijele, wayehlala yena kuleligumbi ayeboshelwe kulo Kuthe ngelinye ilanga wezwa kunomsindwana ongathi umuntu ozama ukuqgobhoza udonga Kwahamba-kwahamba njalo uma sekuntambama uyawuzwa lomsindo okhala sakuqgobhoza udonga, ngendlela lomfana ayenodlebe ngakhona walizwa izwi likhulumela kude lithi ngilekelele nawe qgobhoza sizohlangana Okwakumuthusa kakhulu umfana lomsindo wokuqgobhoka kodonga wawuduma ngaphansi kombhede Kuthe ngelinye ilanga naye wathola into azoqgobhoza ngayo ngaphansi kombhede,wayelokho eqgobhoza kancane kancane Okwamuthusa kakhulu umfana ukuthi kwathi uma eseqgobhozile waqhamukela kwelinye ikamelo elalingumakhelwane wakhe Kulelikamelo kwakuhlala ikhehla elidala,elaliboshe eminyakeni eminingi kakhulu Okwafika kwamuphatha kabi kakhulu umfana ukuthi kanti lelikhehla laligula futhi ligulela ukushona Wafika kulo umfana lelikhehla lathi mfana wami ubuwazi umthetho wokuthi uma uboshelwe kulelijele awuphinde ubabone abakini Mmm kwamuphatha kabi impela lokho umfana ukuzwa ukuthi kanti uze ufele lapha
Kuhambe-kuhambe isikhathi umfana njalo ngezithuba zantambama uma onogada bejele sebesezindlini zabo, angene kulembotsha ababeyiqgobhozile avakashele ikhehla egumbini lalo Kuthe ngelinye ilanga ethi ulivakashele wafika sekunzima kakhulu seligulela ukuthi ungaphuma noma yinini umphefumulo walo Ikhehla labe selizama ukumuchazela ukuthi, mfana wami ngaboshwa ngingenamtwana futhi ngiyazi akusekho muntu engisahlobene naye ngaphandle, njengoba ngibona wena ngibona indodana okuyiyo ozodla lemali engaboshelwa yona Kwacishe kwasa ekuseni lizama ukuchaza ikhehla ngemvelaphi yalo,kodwa kwamuphoqa ukuthi umfana abuyele egumbini lakhe, ngoba kwase kusa sekuzofika onogada bezobabheka ezindlini zabo Kuthe ngentambama yangakusasa aphinde abuyele ekhehleni futhi umfana lifike lizame futhi ukumulandisa ngempilo yalo ikhehla umfana Uyabona sengimdala mina mfana ngenke ngisakwazi ukweqa ngiphume kulelijele,ukuze ngiyodla lemali engayiqgiba eduze kwesihlahla somudoni eduze nesomkhiwane Manje umbuzo uwodwa umfana owawulokhu umuhlupha umfana ukuthi khona uma efuna ukweqa lapha ejele uyokweqa kanjani ngoba besesiqhingini Laqhubeka ikhehla lamulandisa,mfana wami Mina ngizoshona ekushoneni kwami abonogada balelijele abasihambisi isidumbu somuntu kubo,kodwa basiphonsa olwandle kuphele kanjalo sidliwe ngoShaka Kwamuphatha kabi ukuzwa lokho umfana,laqhubeka lamlandisa ikhehla uma mina sengishonile bazongifaka esakeni onogada bangilahlele phansi olwandle Wena mfana wami uma sebengifake esakeni,angithi abasilahli emini isidumbu somuntu basilahla ebusuku Ethule elilalele ikhehla umfana lapho naye uyabona ukuthi liyahamba ngempela lapha emhlabeni Mfana wami kuqhubeka lona ikhehla uma sebengifake esakeni onogada ubofika usithathe isidumbu sami usise egumbini lakho kungene wena esakeni, iyona ndlela ozokwazi ukuhamba ngayo lapha ejele Nangempela kwasa ngakusasa ethule kuleligumbi lakhe elalele ukuthi ngabe kwenzakalani kuleligumbi lekhehla Kwathi
Nangempela ntambama ethi uyalivakashela Ikhehla ,wathuka efica selishonile sebelifake esakeni onogada Akabange esalokhu ehlupha walihhudulela egumbini lakhe,kwanguye ongena esakeni Nangempela ngezikhathi zezintatha-kusa ekuseni bafika onogada balithatha isaka ebelikade linekhehla bayolilahla olwandle Kuthe sebelilahlile isaka elinomfana waphuma wazama wagwedla, nhlanhla leyo kulesisiqhingi kunamatilosi azizamela ubamba ofishi Abe esemubona umfana amunika usizo amugibeza esikebheni Ngakusasa ways kulesisihlahla abesiyalelwe yikhehla abeboshwe nalo wathola imali naye angayengakwazi ngisho nokuyibala Waceba kanjalo umfana kodwa elokhu elikhumbule njalo ikhehla lakhe lasejele
Cosi Cosi yaphela